LIT RADIO ZA
07/07/2026
Laphaya KwaMdakane eDanawozi kubikwa ukuthi kutholakale abokufika abangu 40 befihlwe emzini womuntu nokusolakala ukuthi kade be PMB ngaphambi kokulethwa la.
06/07/2026
Amaphoyisa ase Newcastle akhiphe isitatimende esiveza ukuthi uDokotela NG Mahlaba washayiswa imoto mhlaka 04 July ku Allen Street eduze kwase Phumula Nathi Motel ngenkathi egijima ekuseni.
Kubikwa ukuthi imoto ethwala ifenisha eyamshayisa yayishayelwa umfana oneminyaka 29 ubudala kanti walimala engalweni nasekhanda kwabe sekuvulwa icala lokushayela budedengu nelashintsha kwaba elokubulala ngokungenhloso ngemva kokuba esedlule emhlabeni.
Umsolwa wazinikela emaphoyiseni wase eboshwa ngesenzo sakhe. Sikhuluma nje sikhulu isikhalo ngokudlula kwakhe emhlabeni ikakhulukazi kwabeqembu le ANC kanye nabanye abakwi politiki njengoba echazwa njengomuntu obenesibindi futhi ethanda ukusiza umphakathi.
06/07/2026
Inhlangano I March and March Newcastle igasele saloon ese Spar kungazelele yafike yakhipha abokufika abasebenzela kulendawo.
Click here to claim your Sponsored Listing.
Category
Contact the business
Website
Address
Amajuba Education Centre
Newcastle
2940