Enkundleni

Enkundleni

Share

19/06/2026

Umdlali weqembu lase Germany iWerder Bremen uVictor Boniface uthi ngenkathi esadlala ezweni lase Norway ubeboleka imali eqenjini njalo ngo December uma efuna ukugoduka eye ekhaya eNigeria. Lomdlali wasayinwa yiqembu lase Norway i-FC Bodo/Glimt ngo March 2019 lapho adlala khona imidlalo engu 66 washaya ama goals angu 23 ngaphambi kokuthi adlulele eBelgium ngo 2022 ku Union Saint-Gilloise. UBoniface uthi yena ubezama ukubeka imali kodwa kushaye December ingahlangani bese kuphoqeleka ukuthi aboleke eqenjini umholo wakhe wezinyanga ezimbili iqembu bese libuye liyibamba leyomali ngokuhamba kwesikhathi.

19/06/2026

Iqembu lase Kapa iStellenbosch FC selimemezele ukuthi sebehlukene ngezindlela nomdlalo walo u-Ibraheem Jabaar. Leliqembu lithi akuvunyelwananga nge contract entsha nalomdlali

19/06/2026

Siyanda isibalo sabadlali abashiyayo kwiqembu lase KZN iLamontville Golden Arrows njengoba kuvela ukuthi noThabo Matlaba akasabuyi uma kuphela i-contract yakhe ephela ekupheleni kwenyanga. Abanye abadlali abahambayo ngoBrandon Theron, uKeenan Phillips, uSanele Shabalala, uGladwin Sh*tolo, uSazi Gumbi noNduduzo Mhlongo.

Want your business to be the top-listed Gym/sports Facility in Durban?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Website

Address


Durban